Inkomfa Ye-ANC Kumele Ibuyise Ithemba Ebantwini- Zweli Mkhize

Written by on 4 December, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Osembangweni kwesobumengameli ngaphambi kwenkomfa kazwelonke ye-African National Congress, uZweli Mkhize, uthi ukhetho luka 2024 kumele luqinisekise ukuthi i-ANC kusayiqembu elingathenjwa abantu.

UMkhize usho kanje emva kokukhuluma nentsha enkundleni yezemidlalo eLanga, eWestern Cape.

Uthi akusho lutho ukuthi leli qembu selibe neminyaka likhona kodwa okubalulekile ukuthi lilwe nomlando omubi wobandlululo abantu, balingane futhi bahlomule ngokufanayo ngokwamalungelo.

UMkhize uthi inkomfa ye-ANC kumele ibuyise ithemba ebantwini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background