Inkosi Isihoxise Amazwi Okudingisa Umfelokazi Ongazilanga
Written by Mfundo on 9 March, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Ikomidi elibhekelele abantu besifazane esiShayamthetho KwaZulu-Natal, selishayele ihlombe isenzo seNkosi yaseMahlubini eNtabankulu ngaphansi kukamasipala uThukela, sokuxolisa iphinde igxeke isenzo sokufuna ukuxosha owesifazane oneminyaka engu 71 osolwa ngokunqaba ukuzilela umyeni wakhe.
Lesalukazi sashonelwa ikhehla laso ngonyaka odlule.
UFikile Mlaba ubesehlalele ovalweni emva kokusatshiswa umphakathi uthi makaphume aphele kulendawo, umsola ngokuthi wuyena olethe ifu elimnyama lokuna kwemvula ibulale izitshalo ngoba engavumelani nokuzilela umyeni wakhe.
USihlalo walelikomidi uPhumzile Mbatha Cele, ongomunye wabalalele ukuqulwa kwaleli cala uthi kuyajabulisa ukuthi umkhandlu wenkosi usihoxisile lesi sinqumo waphinde waxolisa ngalesi senzo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Bukela: UFikile Mlaba echaza ngalesisigameko: