Inkosi Ixolele Abayikhipha Ngendluzula Esihlalweni

Written by on 1 May, 2023

By: Dawud Phungula

Inkosi yesizwe SamaNyavu, uSikhosiphi Mdluli, ithi izimisele ukudlulisa konke osekwenzeka njengoba yayikhishwe ngendluzula esihlalweni sayo.

Isho kanje kade yethula inkulumo yokubonga emcimbini obubanjelwe esizweni SamaNyavu, KwaXimba, ngaphandle kwasePietermaritzburg.

UMdluli ubonge bonke abameseke ngesikhathi isimo simanzonzo egqigqa izinkantolo ngemuva kokuba ehliswe esihlalweni sakhe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana  KwaZulu-Natal ngo-November 2020.

Lokhu kwadala ukuthi Isizwe samaNyavu sifake icala sifakela umnyango sikhalaza ngalesi sinqumo.

Ngonyaka owedlule isizwe sathola izindaba ezithokozisayo ngesikhathi Inkosi inqoba leli cala yabe isibuyiselwa esihlalweni sayo.

Inkosi uMdluli ekhuluma nesizwe ubeke kanje.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background