Inkosi uChiliza Igqugquzela Ubumbano eNdlunkulu
Written by Mfundo on 5 May, 2021
By: Bongani Gina
Usihlalo wendlu yabaholi bendabuko, Inkosi uPhathisizwe Chiliza, usenxuse iNdlunkulu kaZulu ukuba isingathe ngokuthula nangenhlonipho umsebenzi wokubekwa kweNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu endlini yakhe yokugcina.
uChiliza isho kanjena kulandela umbango wamafa eSilo njengoba uNdlunkulu uSbongile Dlamini-Zulu, ongunkosikazi wokuqala kaNgangezwelakhe, efake incwadi enkantolo efuna uhafu wefa lika Hlangalomhlabathi.
Kanti sekukuningi nokunye osekuvele kwabezindaba okuveza ukuthi umndeni weSilo awuhlangene, njengoba nabanye abaholi nokubalwa kubo nongqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nabaholi bendabuko, naye eseke wanxusa ukuthi kube nokuthula nobumbano kuze kudlule umcimbi wokufihla iNdlovukazi.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM esigodlweni KwaKhangela, uChiliza ubeke kanje,
Khonamanjalo, ongumdidiyeli wamabutho akwaZulu, uMlandeni “Mgiliji” Nhleko, uthi ubuhlungu kakhulu ngento eyehlele isizwe kulonyaka.
uMgiliji ukhuluma kanje njengoba amabutho eselande isidumbu sikaMaDlamini, asiletha kwaKhangela, ukulungisela ukufihlwa wakhe ozoba ezintatha.
Uthi isizwe sivele siyadunguzela ngokulahlekelwa ubaba waso manje sekubuhlungu kakhulu njengoba nomama wesizwe esedlulile.
Uqhuba ngokuthi isizwe sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala.