Inkosi YamaQadi Inxuse Uhulumeni Ukuthi Alule Isandla
Written by Mfundo on 26 July, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Inkosi yamaQadi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo isinxuse uhulumeni ukuthi angahambeli kude nabaholi bomdabu kodwa alule isandla ukusiza leyo mindeni esantulayo.
Inkosi uNgcobo isho kanje lapho uNgqongqoshe wozokuThuthukiswa koMphakathi uNonhlanhla Khoza kanye nobuholi basekhaya eThekwini buhambele iNkosi uNgcobo enkantolo emaQadi Tribal Court.
UKhoza ube esehambela nenkosi yaseBuhleni UNyazi LweZulu khona endaweni yaseNanda nokuhloswe ngakho ukuqhamuka namaqhinga ekulweni nezigigaba zodlame ezibhekiswe kubantu besifazane nezingane.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngokwezibalo indawo yase Nanda ihamba phambili ngodlame lobulili, uNgcobo ube esenxusa ukuthi uhulumeni ayibeke eqhulwini inhlalonhle yabantu ikakhulukazi emva kokukhahlamezwa izikhukhula.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.