Inqwaba Esazokhalelwa Amasongo Kasigonyela Kwele-VBS

Written by on 30 June, 2021

By: Bright Ntuli

AmaHawks athi baningi abanye abazulelwa amanqe abasazoboshwa ngenkohlakalo eyenzeka ebhange iVBS.

Loluphiko lusho kanje kulandela ukuthi lubophe abantu abathathu ababengabasebenzi be-West Rand Municipality, eGoli.

Aqhuba ngokuthi ukuboshwa kwalaba kuyingxenye yophenyo olusaqhubeka, mayelana nokwebiwa kwemali kulelibhange nokwaholela ekufadabaleni kwalo.

Babalelwa ku-20 oMasipala abafaka imali yabo kulelibhange eselaqumbeka phansi nokuyimali elinganiselwa ku R3.7 billion.

Labasolwa bobathathu babhekene nezinsolo zokwephula imithetho iMunicipal Finance Management Act, kanye ne Prevention and Combating of Corrupt Activities Act, kanti kulindeleke ukuthi baphindele enkantolo ngomhlaka 22 ku October.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background