Inqwaba Yabantwana Nabasukela Eminyakeni Engu-9 Babalwa Kwabakhulelwe

Written by on 22 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isifundazwe i-KwaZulu Natal sesiveze ukuthi sekukhulelwe intsha elinganiselwa ku-21 000 kusuka ngo March wangalonyaka kuze kube yimanje.

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kulesifundazwe uNonhlanhla Khoza useveze ukuthi ezinye zalezingane esezinabantwana ziphakathi kweminyaka engu-9 kuya ku-14.

Uthi okucace bha ngalezibalo ukuthi uhulumeni kuzofanele aqinise emkhankasweni yokuqwashisa ngocansi, ukukhulelwa kwabantwana abasebancane, kanjalo nokuhlukunyezwa kwezingane okuhambisana nodlame lwezobulili.

U-Khoza uthi imikhankaso, imihlangano kanye nezimbizo akusamele igxile kubantu besifazane kuphela, kodwa nabafana kanjalo nabobonke abantu besilisa.

Ekhuluma eseMbumbulu eningizimu yeTheku, uKhoza uthi bazoqhubeka nokuxoxisana nabantu besilisa ukunqanda izinkinga ezifana nakho ukukhulelisana kwezingane isikhathi singakafiki.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background