iNRCS ithi izoqhubeka nokususa amathini kafishi ezitolo
Written by Lethiwe Mdluli on 26 February, 2020
Isikhungo iNational Regulator for Compulsory Specifications, sithi manje sesifuna ukubhekana nokususa amathini kafishi ezitolo ezisemalokishini kanye nasezindaweni ezisemakhaya.
Lokhu kulandela ukuthi kutholakale inkinga kwamanye amathini kafishi osekudale ukuthi lesikhungo siyalele izitolo ukuba zingawadayisi.
Owalesikhungo, uMeisie Katz, uthi akuwona wonke amathini kafishi anenkinga yingakho benxusa abantu ukuba babheke imibhalo emathinini.
Uqhuba ngokuthi amathini anenkinga azoba nemibhalo ngaphezulu ethi ZST29 kanye ZSC29.
Listen here:
https://iono.fm/e/822330
By: Lethiwe Mdluli