Insambatheka Ngesikole Esinothisha Ababili Vo!

Written by on 17 March, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umphakathi waseMid Illovo, eMbumbulu enyakatho yeTheku, uthi ukhathazekile ukuthi izingane ezifunda esikoleni iNtsikakazi High school, azinabo othisha abanele.

Lomphakathi usola umnyango wezemfundo ngokushaya indiva izikhalo zawo zeminyaka, ngokusweleka kothisha kulesisikole.

Uthi iNtsikakazi High School inothisha ababili kuphela, okungofundisa iMaths kanye nesiZulu.

Oyisikhulumi salomphakathi uSbongiseni Gwala uthi noma lesisikole sinabafundi abancane ngokwesibalo, kodwa nabo kufanele bakwazi ukufunda.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti oyisikhulu somnyango kwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi, uthi bazothumela ithimba lezikhulu ukuyobheka isimo kulesisikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background