Inselelo Ngohlelo Lokuthutha Abafundi eKZN

Written by on 22 April, 2021

By: Nompendulo Ngubane

I-Equal Education (EE) isibambe imashi ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo ePietermaritzburg, kulandela isenzo somnyango sokuthatha isikhathi eside ukungaphumeli obala ngezinhlelo zawo ezithinta izithuthi zabafundi besikole.

Ngokusho kwe EE uMnyango wagunyazwa inkantolo ukuthi ngomhlaka 30 January nonyaka, uveze lombiko esidlangalaleni, ubeka obala ukuthi uhlelo lokuthutha abafundi luzohamba kanjani.

Loluhlelo lokuthuthwa kwabantwana, kumele lubhekelele nabafundi abavela ezindaweni ezisemaphandleni kanye nabakhubazekile.

Ovela kuyo lenhlangano, uTebogo Tsesane, uthi ukubamba kwabo imashi kanye nabafundi, ukuthi bagqugquzele uMnyango uluthathele phezulu loludaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Omunye wabafundi, uAlwande Msimango, ofunda esikoleni samabanga aphezulu iNhlalakahle endaweni yase Ngquthu, ubeka kanje ngezinkinga athi bahlangabezana nazo ngenxa yokungabibikho kwezithuthi zabafundi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

WATCH: IMashi ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo ePietermaritzburg


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background