Intombi Endala (101) Inqobe iCOVID-19

Written by on 10 June, 2021

By: Bongani Gina

Isaguga saseMzingazi, ngaphandle kwaseRichards Bay enyakatho nekwaZulu-Natal, esineminyaka engu 101 sithi sibonga uMdali ngokunqoba iCOVID-19.

UGogo uChithekile uMaGumede Hlabisa ube ngomunye wabantu abadala bokuqala asebethole ukugonywa ngomgomo ovikela lesisifo, ngaphansi komasipala waseMhlathuze.

Lentombi endala neyidlozi eliphilayo ithi ibonga umdali ngokuyidlulisa esivunguvungwini sokhuvethe lwe-Coronavirus njengoba luke lwayihlasela kodwa yaphuma inqobile.

Ithi iyamangala ukuthi yasinda kanjani yona indala kangaka njengoba indodakazi yayo nayo ebisineminyaka eko-60 ingasindanga kuleligciwane.

Ugogo uHlabisa uthi uzizwa esevikeleke kakhulu njengoba esethole nomgomo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti iMeya yomasipala waseMhlathuze, uMduduzi Mhlongo, osenikelele ugogo ngesihlalo esinamasondo, ingubo yokulala nezimpahla ezifudumele zokulala uthi kubalulekile ukuvikeleka kwabantu abadala ngokuthi bagonywe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background