Inuka Phu Inkohlakalo Kwa-SASSA

Written by on 7 April, 2022

By: Zilungile Mkhize

Uphiko lwamaphoyisa amaHawks, luthi luyaqhubeka nophenyo lwenkohlakalo ethinta abasebenzi besikhungo esibhekelele ukukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni iSASSA.

Ama-Hawks aseveze ukuthi labasebenzi bathatha imali ngokungemthetho bayifaka kuma account athandwa yibo.

Lemali ekwakubhekwe ukuthi iholwe yinqwaba yabantu kusuka kogogo nomkhulu, kayizange itholakale ngo February wango 2018.

Okhulumela ama Hawks, uBonisiwe Nxumalo, uthi kusolakala ukuthi ngo June 2018, ngesikhathi uSASSA ukhipha amakhadi amasha akwazi nokusebenza emabhange, abanye abahola izibonelelo abayitholanga imali yabo yempesheni nezibonelelo.

Uthi uphenyo lwabo oluqale ngo February wangonyaka odlule, seluveze ukuthi lemali yadluliselwe kwamanye ama-account ngokungemthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background