iNUMSA Ifuna Kubuyiselwe Abasebenzi Abadiliziwe kwaMacsteel

Written by on 18 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inyunyana yabasebenza ngokusansimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa, ithi isiteleka sayo esiqhubeka kuzwelonke, ezinkampanini zakwa Macsteel, sizoqhubeka baze babuyiselwe emsebenzini abaxoshwa.

i-Macsteel isolwa ngokudiliza abasebenzi bayo abangu 99 ngo December.

Lenkampani inamafemu KwaZulu Natal, Port Elizabeth, Western Cape, Gauteng nase Mpumalanga.

iNUMSA ithi iziphathimandla zalenkampani zinesihluku esikhulu kakhulu, njengoba zakwazi ukudiliza abasebenzi ngesikhathi esinzima seCOVID-19.

Okhulumela iNUMSA uPhakamile Hlubi Majola, uthi bafuna into eyodwa nje vo, okukuthi bonke labasebenzi abadiliziwe babuyiselwe emsebenzini, futhi ezikhundleni zabo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background