Ziyikhalele Inyanga Eyahlolela Abesifazane Etaxini Yajika Yabadlwengula

Written by on 24 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umelaphi wendabuko oneminyaka engu-36 ubudala usegixabezwe ngodilika-jele ababili ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula abesifazane ababili ayethembise ukuthi uzobasiza abelaphe.

Lomlisa ongu Mandla Dlamini waKwaDabeka, ngaphandle kweTheku, usegwetshwe manje emini yinkantolo kaMantshi ePinetown.

Ngokusho kwamaphoyisa, lomelaphi wenza lomkhuba kulaba besifazane phakathi kuka August no September wango 2019.

Athi uDlamini wahlangana nesinye sezisulu zakhe etekisini eyayilibangise Port Shepstone, nokuyilapho ayehamba ayemlutha khona emtshela ngamabhadi amlandelayo angamusiza awasuse.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala, uthi lomlisa wenza into efanayo nakulomnye wesimame ebathembisa ngamunye ukuthi udinga ukuyobageza olwandle bese eyoqedela umsebenzi kwakhe, nokuyilapho ayegila khona lomkhuba.

Ngaphezu kwalabodilikajele abatholile, uphinde wathweswa neminye iminyaka emihlanu ngaphezulu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background