Inyunyana Emele Onogada Isabisa Ngesiteleka Esikhulu

Written by on 14 July, 2022

By: Xolani Mkhize

Inyunyana emele onogada, iSouth African Transport and Allied Workers Union (SATAWU) seyesabise ngokungenela ukhukhulela ngoqo wesiteleka.

Lokhu kulandela ukufika kwangqingetshe kwezingxoxo ebeziphakathi komqashi nalenyunyana eshaya phansi ngonyawo ifuna kunyuswe amaholo onogada abasebenzela izinkampani ezizimele.

Lezingxoxo eziqale ngomhlaka 1 April kulonyaka ziphethe ngesonto eledlule ngabaqashi ababili bedaza inkani ukuhlangabezana nezicelo zenyunyana.

I-SATAWU ifuna onogada abanezicucu zika-Grade C benyuselwe imiholo yabo minyaka yonke ize ifinyelele ku R8175 ebese kuthi labo abano-Grade B no A bagcine sebehola ngokulinganayo.

Okhulumela iSATAWU uAmanda Tshemese uthi angeke baze baphumule bengakakutholi abakufunayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background