Inyunyana Ilungiselela Abasebenzi Ukugoma

Written by on 7 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inyunyana yabasebenzi iSACTWU ithi ihlela ukukhuthaza amalungu asembonini yendwangu ukuthi athole ukugonyelwe igciwane le COVID-19, ukuze kwakheke indawo yokusebenza ephephile.

Abasebenzi embonini yendwangu basebenza ezindaweni ezivalekile okugcwala ngokweqile kuzo, nokubeka iningi labo engcupheni yokusabalalisa nokungenwa yiCoronavirus.

I-SACTWU isimemezele ukuthi ingene esivumelwaneni sohlelo lokugqugquzela nokukhuthaza abasebenzi ukuba nolwaziwa nge COVID-19 Rollout Campaign Industry Framework.

Okhulumela lenyunyana uMembinkosi Vilina, uthi ngeke baphoqe muntu ukuthi athole umgomo, kodwa bazosiza ukufundisa abasebenzi ngolwazi mayelana nalomgomo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background