Inyunyana Ithi Sekwanele Ngokubukela Amakhona Akuleli Phansi

Written by on 12 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inyunyana yabasebenzi iSolidarity isinqumele uhulumeni wakuleli ugwayi katiki ngokuqashwa konjiniyela baseCuba kulelizwe.

Okhulumela lenyunyana, u-Morné Malan, uthi imsebenzi yangaphambilini yonjiniyela baseCuba ikubeka kucace ukuthi akukho okungcono abeza nakho kuleli kodwa kuzochithwa imali nje ekumele engabe inikwa onjiniyela bakuleli.

Selokhu bafika labasebenzi izinhlangano ezahlukene zepolitiki nezinyunyana zabasebenzi zisola uhulemi ngokubukela phansi amakhono akuleli lengabade.

Lokhu kwenzeka nje kubheduka ubhubhane lwe COVID-19 , uhulumeni walanda odokotela baseCuba ukuba bezolekelela ukubhula umlilo kuleli.

uMalan uthi bafuna umnyango wangqongqoshe Wezokuhlaliswa kwabantu, Amanzi Nokuthuthwa Kwendle, uLindiwe Sisulu uhoxise ukuqokwa konjiniyela baseCuba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background