Iphalamende Alidingi Ukwenza Uphenyo ngeJaji uHlophe

Written by on 10 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umeluleki wePhalamende uBarbara Loots uthi akudingeki ukuthi iPhalamende libheke futhi izizathu zokuthweswa icala uMengameli wamajaji aseWestern Cape, uJohn Hlophe, ngoba iKhomishana Yezobulungiswa iJSC isikwenzile lokhu.

U-Loots usechazele ikomidi elibhekele ezobulungiswa ePhalamende mayelana nohlelo oloqhubekayo lokujezisa uHlophe, ngemuva kokutholakala enecala lokungaqhubi ngendlela efanele umsebenzi wakhe.

U-Hlophe watholwa enecala eminyakeni engu 13 edlule kulandela izikhalo zamanye amajaji athi wazama ukungenelela ekusebenzeni kwawo efuna aseke owayengumengamelin wezwe uJacob Zuma odabeni olwaluthinta amacala enkohlakalo ayebhekene nawo.

U-Loots uthi ayikho imithetho ekhethekile ehlahla indela uma kudingidwa udaba lokuxosha ijaji.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background