IPhalamende Likhathazekile Ngezingane Ezikhulelwayo

Written by on 7 September, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Usihlalo wekomidi elibhekelele ezemfundo eyisisekelo ephalamende, uBongiwe Mbinqo, uthi izinga elinyukile lokukhulelwa kwezingane ezincane kuleli kwenzeka kakhulu ezindaweni lapho kuhlala khona izakhamuzi ezidla imbuya ngothi.

U-Mbinqo usho kanje emhlanganweni womnyango wezemfundo emazingeni aphansi, obanjwe ngezobuchwepheshe, ukudingida izingqinamba lomnyango obhekene nazo.

Izinga lokukhulelwa kwabafundi abaneminyaka esuka ku-10 kuya ku-15 lenyuke kakhulu kuleli kanti umnyango uthi loku kuyakhathaza.

Ngenyanga eyedlule umnyango wezempilo eGauteng uveze ukuthi bangaphezu kuka-23 00  abesifazane abasangabafundi besikole abakhuleliwe. Lolucwaningo lubheke isikhathi esisuka kuApril 2020 kuya ku March 2021.

U-Mbinqo uthi iningi lalezingane alinabo ubudlelwano obuhle nabazali babo njengoba besebenza futhi behlezi bengekho ekhaya.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background