Iposi Lithi Lidinga Izindodla Zemali

Written by on 15 February, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Oyisikhulu kwezamaposi, uNomkhitha Mona, uthi njenge-Post Office badinga imali engango R8,3 billion ukuze bakwazi ukukhokha zonke izikweletu zabo.

Ekhuluma nesiteshi somphakathi uMona uthi izinkinga zamaposi okubalwana nenkinga yabasebenzi abangu-6 000 okumele badilizwe into ebikade ingafihliwe njengoba ngisho nezinyunyana zazi ngazo lezi zinkinga.

Iposi liveze ukuthi kunabasebenzi abangu-6 000 okumele badilizwe ngenxa yezinkinga ezibhekene namaposi kuleli.

Lezi zinkinga seziphazamise ngisho abantu abasebenzisa amaposi ukuthola izimali zabo zezibonelelo.

UMona uthi njengamanje ithemba labo liku Ngqongqoshe wezeziMali kuzwelonke abanethemba lokuthi uzobasiza abakhiphe kulolu taku uma esthula isabelo mali sakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background