iPSA ikhala ngobudedengu ethi benziwa esibhedlela iPrince Mshiyeni
Written by Lethiwe Mdluli on 20 May, 2020
Inyunyana yabasenzi bakahulumeni i-PSA, ithi isiphonse inselelo umnyango wezempilo kulesifundazwe ukuthi uphenye ngobudedengu ethi benziwa isibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi eningizimu yeTheku mayelana nokuvimba ukusabalala kweCovid-19.
iPSA ithi kulesibhedlela kusanda ukuthi kunomhlengikazi osetheleleke ngeCoronavirus kodwa iwadi asebenza kulo lezingane nomama abasanda kuteta liyaqhubeka nokusebenza njengenjwayelo.
Oyisikhulu esiphezulu ku-PSA kulesisifundazwe, uMlungisi Ndlovu, uthi umqashi uhudula izinyawo ezinhlelweni zokubeka ngabodwana abanye abahlengikazi abasebenza kuleliwadi nalomhlengikazi othelelekile.
Listen here:
Umnyango wezempilo siwuthinta ngaloludaba uveze ukuthi usazoluphenya kabanzi.
By: Zilungile Mkhize