Iqubula Ingebhe Eyokusocongwa Kwamakhansela

Written by on 14 July, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Inhlangano ebhekela ukusebenza komasipala KwaZulu-Natal i-SALGA ithi amakhansela asephumele obala ngezinsolo zokusatshiswa ngokubulawa kumele anikezwe izinsiza zokuphepha ngokushesha.

Lokhu kushiwo uSihlalo walenhlangano uThami Ntuli engqungqutheleni yaminyaka yonke ye-SALGA ebanjelwe eNewcastle enyakatho yesifundazwe.

UNtuli uthi emakhanseleni angu-39 ashone kulesifundazwe angu-17 awo asocongwa ngakho-ke kubalulekile ukuthi amakhansela afaka izicelo zokuvikelwa, lezo zicelo ziphuthunyiswe.

USihlalo uqhuba ngokuthi isibalo esiphezulu sokubulawa kwamakhansela senza ukuthi kuhlale kunovalo mayelana nokuphepha kwalaba basebenzi bomphakathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background