IRR: Izakhamuzi kumele zilungiselele isikhathi esinzima kwezomnotho

Written by on 8 April, 2020

Isikhungo esibhekelele ezobuhlanga i-Institute for Race Relations, sithi zonke izakhamuzi kulelizwe kuzomele zizilungiselele isikhathi esinzima esizofika noma inini sokufadabala komnotho.

Lesikhungo sithi kumanje ochwepheshe abaningi kwezomnotho balindele ukuthi iGDP okuyiyona ebheka iphinde ikale imikhiqizo yempahla kuleli yehle ngo 2% kanti abanye bathi njengoba isimo sishube kangaka ezweni, ingase yehle ngo 10% kuyaphezulu.

Usolwazi kwa IRR, uNicholas Babaya, uthi uma uhulumeni eyiziba indaba yokungenzi kahle komnotho wezwe imizamo yokunqanda iCovid-19 ingase ingaphumeleli kahle.

 

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background