I-PSA Isabisa Ngesiteleka Uma Zingafezwa Izimfuno Zabasebenzi

Written by on 20 October, 2022

By: Bright Ntuli

Inyunyana yabasebenzi bakahulumeni i-PSA isabise ngokubeka phansi amathuluzi ingenele isteleka uma umqashi nokunguhulumeni engahlangabezani nezimfuno zabo.

Lenyunyana ithi izingxoxo phakathi kwayo nabaqashi ngodaba lwamaholo sezifinyelele kwangqingetshe.

Iqhuba ngokuthi akulona iqiniso ukuthi uhulumeni uyilethele isphakamiso sokwenyusela amalungu ayo amaholo ngo 7.5 percent kodwa yona yasenqaba.

Oyisikhulumi sePSA, uRueben Maleka, usetshele inhlangano yezokusakaza kuleli ukuthi bebengeke banqabe isphakamiso sika 7.5 % ngoba vele singaphezulu kwa lo 6.5 % bona abawufunayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background