Isadunguza Ebumnyameni Imndeni Yezingane Ezashonela Espotini
Written by Mduduzi Phungula on 26 June, 2023
By: Bright Ntuli
Imindeni yezingane zesikole ezingu-21 ezashonela endaweni yokucima ukoma iNyobeni eEastern Cape ithi nakuba namhlanje kuphela unyaka golokoqo kwenzeka lesigameko alukho usizo eseyaluthola.
Lezingane kubikwa ukuthi zabulawa ukuncisheka umoya kulendawo.
Abanikazi balendawo uSiyakhangela kanye nomkakhe uVuyokazi Ndelu sebeliphikile icala lokwephula imithetho yokudayisa utshwala iLiquor Act.
Omunye wabazali balezingane uKhululiwe Ncanana nowashonelwa yindodana yakhe eneminyaka engu 17 ubudala uthi kuze kube imanje basalinde umbiko womnyango wezempilo kulesiyasifundazwe.
Ekhuluma nomsakazeli womphakathi uNcanana usho kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.