Isanqunywe Izimpiko I-Mango

Written by on 28 July, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inkampani yezindiza engaphansi kwe South African Airways, iMango Airlines, ithi ibingalindele ukuthi amabhanoyi ayo amiswe okwesikhashana izolo ngenxa yemali engakhokhwanga kwabakwa Air Traffic Navigation Services (ATNS)

I-Mango ihluleka ukukhokha lemali nje, isaqhubeka nokuba nezingxoxo nenkampani ebhekele izikhumulo zezindiza kuleli i-Airports Company South Africa ngenkinga enayo yokungabi namali.

Isikweletu se-Mango siku 2,5billion wamarandi kanti yagcina ukwenza inzuzo ngo 2018.

Okhulumela iMango, uBenediction Zubane, usetshele abezokusakaza kuleli ukuthi imali abayikweleta i-ATNS ayikho nkulu kakhulu, ngakho abaqondi uthi ukumiswa kwabo kwenzeke kanjani.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background