Isanzima Impilo Kwabaningi Kuleli – Ramaphosa

Written by on 22 March, 2022

By: Bongani Gina

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi baningi abantu bakuleli abaphila ngesibonelelo sikahulumeni nje kuphela, nathi impilo ilokhu isanzima kubo.

U-Ramaphosa usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokukhumbula usuku lwase-Sharpeville, la kwashona khona inqwaba yabantu ababemashela amalungelo abo.

Izolo iNingizimu Afrika ibikhumbula lolusuku oselwaziwa ngolwamalungelo abantu, iHuman Rights Day.

Uthi kubantu bakuleli abangu 10, abangu 4 babo basaphila ngesibonelelo sikahulumeni njengoba u-46% wabantu kuzwelonke ethola izibonelelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background