Isazobankulu Eyokunqamuka KukaGesi Kuleli
Written by Mduduzi Phungula on 10 May, 2023
By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa useveze ukuthi ukuhamba kukagesi izikhawu kusazoshaya kuzwele njengoba kuzolahleka imisebenzi engaphezu kuka-800 000.
URamokgopa uphendule imibuzo eMkhandlwini kaZwelonke yeziFundazwe, i-National Council of Provinces.
Inhloso yokuhlangana nalo mkhandlu ephendula imibuzo bekungukuzochaza ukuthi ngabe iziphi izinhlelo ezisheshayo anazo ukuqeda inkinga kagesi.
URamokgopa uthi esikhathini esedlule inkinga kagesi ibe nomthelela omubi njengoba kwalahleka imisebenzi engaphezu kuka-650 000.
Uthi kulonyaka uwodwa nje abantu basazobhekana nengwandla yokuphela kwemisebenzi ngenxa yesimo sezinkinga zikagesi kodwa ke uthi uhulumeni uzoqhubeka nohlelo lakulonyaka i-2022 Energy Action Plan.