Isazoqhubeka Imvula Enamandla – COGTA

Written by on 12 April, 2022

By: Sthulile Mdletshe

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal usunxuse abantu abakhe ezindaweni eziphansi ukuthi bathole izindawo eziphezulu njengoba kulindeleke ukuthi imvula iqhubeke njalo.

Ngokusho kwabakwa South African Weather Service, imvula enamandla izoqhubeka kuze kube kusasa ezindaweni eziningi kulesifundazwe.

Isifundazwe saKwaZulu-Natal sibhekene nezinkinga zemvula njengoba kunenqwaba yemibiko yezikhukhula nokubhidlika kwamabhuloho ezingxenyeni zeTheku naseMnambithi.

Okhulumela uMnyango uSenzelwa Mzila usenxuse labo abangakwazi ukugwema ukuphuma namuhla ukuthi benze njalo njengoba nesamigaqweni kungahambeki ngexa yalezi zikhukhula.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background