Isexwayiso Ngomkhuhlane Onamandla Obhokile

Written by on 22 November, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo i-NICD, sixwayisa ngomkhuhlane onamandla ayisimanga ohlasele njengoba silokhu senyuke njalo isibalo sabangeniswa ezibhedlele behlaselwe iwona kanye ne pneumonia.

I-NICD ithi isiqaphe ngeso elibukhali isimo sakusabalala kwalomkhuhlane ezweni.

Ukuqala ukubonakala kwabantu abanezimpawu zalomkhuhlane, kwavela ngenyanga uAugust.

Okhulumela lesikhungo u- Sibongile Walaza uthi i-Gauteng, KZN, Mpumalanga, North West, kanye ne Western Cape zihamba phambili ngaloluhlobo lomkhuhlane othathelana kakhulu ezikoleni nasezindaweni zokusebenzela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background