Isezithebeni Eyokuqashwa Kwabokufika

Written by on 21 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi, uthi izinhlelo zokwethula umthetho omusha ozolawula ukusebenza kwabantu bokufika kulelizwe zibalulekile kakhulu ekuqinisekiseni uzinzo kwezomnotho nezemisebenzi.

Njengamanje uhulumeni usezinhlelweni zokuphothula lomthetho, ekubhekwe ukuthi uqinisekise nesibalo sabokufika abangaqashwa ngamabhizinisi azimele kuleli.

Kusukela ngo-2019 kubonakale imibhikisho eminingi kuleli izakhamuzi zikhala ngezinkampani eziqasha kakhulu abokufika kunalabo bomsinsi wokuzimilela.

Lokhu kubonakale ngesikhathi abashayeli bamaloli bengenele ukhukhulela ngoqo wesiteleka, owaholela ekutheni kushiswe inqwaba yamaloli emgwaqeni uN3 ngaseMooi River.

Kuphinde kwaqubuka nomkhankaso ezinkundleni zokuxhumana i-#PutSouthAfricanFirst, egqugquzela ukubekwa oqhulwini ukuqashwa kwabakuleli.

Ungqongqoshe uMotshoaledi uthi ukunyuka kwezinga lokungabibikho kwemisebenzi sekuholele ekutheni uhulumeni afune ukusheshisa lemithetho, ikakhulu njengoba amanye amabhizinisi eqashe abantu bokufika ngisho nakuleyo misebenzi engadinge makhono neziqu, engenziwa yinqwaba yabantu bakuleli abangasebenzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background