Isgungu esengamele uNgoye sinethemba lokuthola izixazululo
Written by Lethiwe Mdluli on 13 March, 2020
Usihlalo wesigungu esengamele iUniversity of Zululand enyakatho yesfundazwe, uNomarashiya Caluza, uthi bafuna kube khona ukuxhumana nokuxoxisana phakathi kwabafundi nabaphathi besikhungo ukugwema iziteleka ezinodlame.
UCaluza usho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini, njengoba sekuphele amasonto amabili kuvalwe lesikhungo kulandela imibhikisho yabafundi egcine isinodlame.
Uthi kokunye labafundi abakhala ngakho, ukuthi kunabangu 500 abakhishwe ohlelweni lokufunda ngenxa yokungenzi kahle ezifundweni zabo nokuholele ekutheni bagcine bengasalutholi noxhaso luka NSFAS.
uCaluza uqhuba ngokuthi isisombululo ukuxhumana kwezinhlaka ezithintekayo ukuze kugwemeke iziteleka.
Listen here:
https://iono.fm/e/830339
By: Bongani Gina