Isibalo sabantu abazothenga ukudla nabazohola silokhu senyuke njalo
Written by Lethiwe Mdluli on 1 April, 2020
Izitolo zokuthenga ukudla kanye nezindawo eziholela izibonelelo zikahulumeni zilokhu ziqhubeke njalo nokwamukela isbalo esiphezulu sabathengi usuku nosuku okungafani nezinsuku ezijwayelekile.
Lokhu kwenzeka nje uhulumeni umemezele ukuthi kuzovalwa yonke into izinsuku ezingu 21 ngaphandle kwalezo zindawo ezenza umsebenzi oyisidingo ekuphileni komuntu.
Izindaba zeGagasi FM sezivakashele enye yalezi zindawo elokishini lase Mbali Unit 3 eMaritzburg, ukuyoxixisana nezakhamuzi mayelana nohlelo lokuhola njengoba kune lockdown.
Listen here:
https://iono.fm/e/839504
By: Nompendulo Ngubane