Isibalo sabasebenzi bezempilo abaneCOVID-19 siyanyuka

Written by on 20 April, 2020

UNgqongqoshe wezeMpilo kulesfundazwe, uNomagugu Simelane-Zulu, uthi sebethumele ithimba elizobhekisisa ukuthi yini edala ukwanda kwesbalo sabasebenzi bezempilo abatheleleka nge coronavirus ezibhedlela.

USimelane-Zulu uthi lelithimba lizophinde libheke nokuthi ngabe izibhedlela ziyayilandela yini imigomo efanele ukugwema ukusabalala kwaleligciwane.

Isbhedlela iSt Augustine kanye neKingsway eThekwini, ziphoqeleke ukuthi zivalwe kulandela ukutholakala kwabasebenzi kanye neziguli ezine COVID-19.

USimelane-Zulu uqhuba ngokuthi bakhathazekile nangokwenyuka kwesbalo sabantu abane coronavirus esfundeni saseThekwini nje sonkana.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

khonamanjalo sekuphinde kwatholwa abanye abasebenzi abangu 5 bomnyango wezamajele benegciwane icoronavirus.

Lokhu sekwenyuse isbalo sabasebenzi abanaleligciwane safinyelela ku 99.

Kumanje sekunojele abangu 43 kanye neziboshwa ezingu 56 esezitholwe neCOVID-19 kuleli.

Ingingizimu Africa inamajele angu 242 aneziboshwa ezingu 160 thousand.

By: Nompendulo Ngubane

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background