Isibalo Sabasocongwa Estcourt Sesimi ku-110

Written by on 14 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wosihlalo kusishayamthetho sakwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uthi bakhathazekile ngezinkinga ezibhekene nemiphakathi eEstcort, enyakatho yakulesifundazwe.

U-Duma kanye namalunga esishayamthetho ahambele ukuyohlola ukusebenza kwamaphoyisa ezindaweni ezise Estcort, okufakaphakathi iLaskop, iWembezi, iNtabamhlophe kanye naseZakheni.

Lamalunga athole ukuthi eLaskop nje kuphela, kusukela ngo-2019 kuze kubemanje sekubulawe abantu abangaphezu kuka-110, bonke bedutshulwa.

Kulezigameko kusolwa abantu abasuka eLesotho bezontshonstha izinkomo kuleli, nabafike benze ubugebengu.

U-Duma uthi inkinga enkulu ukuthi amaphoyisa awanele ukubhekana nesimo esiphakathi kwabantu bakuleli nabase Lesotho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Uqhuba ngokuthi sebebhalele ungqongqoshe wezokuxhumana namazwe omhlaba uNaledi Pandor njengoba loludaba lufaka elinye izwe.

u-Duma uthi bafuna uPandor angenelele njengoba bengeke bayivume eyokuthi imiphakathi ihlaliswe lubhojozi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background