Isibopho SikaHulumeni Ukulekelela OMaspala Basemakhaya- Dlamini- Zuma

Written by on 27 September, 2022

By: Xolani Khumalo

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu, uNkosazana Dlamini-Zuma uthi ukuphumelela kukaHulumeni kaZwelonke kuncike kakhulu ekuphumeleleni koHulumeni basemakhaya.

Uthi kunezinhlelo ekuzomele zibhekwe kabusha futhi ziguqulwe ukuze kulekelelwe ukusebenza koMaspala njengalo uhlelo lokwabiwa kwezimali eyazikubona oMaspala.

UDlamini-Zuma ubekade ethula inkulumo engqungqutheleni yoMaspala bakuleli ebanjelwe eBirchwood Hotel, eGoli.

Uthi okunye okugqilaza abanye oMaspala ukufuduka kwabantu abasuka koMaspala basemakhaya beya kwabaseDolobheni ngethemba lokuthola impilo engcono.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background