Isifo Esihlasela Imfuyo Sibhidlangile eKZN
Written by Mfundo on 18 November, 2020
By: Bongani Gina
Abalimi nabafuyi baseMkhanyakude enyakatho yesifundazwe, bathi bakhathazekile ngesifo esesisanda kubheduka nokubikwa ukuthi sihlasela sibulale imfuyo.
Ngokombiko womnyango lesifo sibulala inzalo emfuyweni kanti futhi siyakwazi nokungena kubantu futhi singaholela nasekutheni owesifazane ozithwele aphuphunyelwe yisisu.
Usihlalo weLive Stock Association uMbhekiseni Mbatha uthi bathuke kakhulu ukuzwa ngalesi sifo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Kanti usihlalo wwnhlangano yabalimi i AmaNsiya Projects uMehlenkosi Mkhize uthi ngaphandle kwenselelo yalesifo esibhedukile, ziningi ezinye izinselelo abasabhekene nazo .
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wezolimo kulesfundazwe uBongi Sithole-Moloi uthi abalimi kanjalo nabafuyi bezinkomo kufanele baqikelele ukuthi imfuyo yabo iyagonywa ukuze izovikeleka esifweni sezinkomo esifikile.