Isihlalo Akusiso Esika Mntwana uThembi Kanye noSimakade – ISilo

Written by on 30 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

INgonyama yesizwe samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini isinxuse amalunga asendlunkulu ukuba abumbane.

ISilo samabandla wonke besikhuluma emhlanganweni wamalunga aseNdlunkulu obubanjelwe ezindlini zephalamende elidala oLundi, enyakatho yesifundazwe.

Labo abangahambisani nokuqokwa kweSilo esisha uMntwana uMbonisi kanye noThembi abalubhadanga kulomhlangano.

Bona bafuna kuqokwe uMtwana uSimakade njengozoba ngumholi omusha wesizwe samaZulu.

Ingonyama ithi indlunkulu kumele ikhulume ngazwilinye ukuze uZulu wonkana ezobumbana.

ISilo siqhuba ngokuthi ukuhlaselwa kweNdlovukazi uMatfombi Mandlamini-Zulu endlunkulu kwakuhloswe ngakho ukuhlaselwa yena uqobo.

U-MaDlamini-Zulu wathola okukhulu ukugxekwa emvakokuba eqokwe yiSilo esesakhothama uZwelithini kaBhekuzulu njengendlovukazi ezohola okwesikhashana isizwe samaZulu kuze kube uqoka ozongena ezicathulweni.

UMntwana uMbonisi noThembi yibo abahamba phambili ekuphikiseni isinqumo sikaMantfombi sokuqoka izinyane lakhe njengomholi omusha wamaZulu wonkana.

Kuzokhumbuleka ukuthi ingonyama ayikagcotshwa ngokusemthethweni njengomholi wamaZulu, igama lakhe lisaphakamisiwe lathunyelwa kumengameli uCyril Ramaphosa, naye osalinde ukuthi kuphele ukuklwebhana eNdlunkulu ngaphambi kokuba kumenyezelwe usuku lokugcotshwa kwakhe.

UNgangzwe lakhe uthi kwakugigiyelwa ngendlovukazi kuqondiswe kuye ngqo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background