Isihluku kubulawa oyedwa kubangwa indawo yokupaka.
Written by Phakeme Mnguni on 28 December, 2024
By: Phakeme Mnguni
Sekudutshulwe kwabulawa umlisa (25) ngesbhamu sakhe, emva kwengxabano ngendawo yokupaka enkabeni yedolobha iVerulam, enyakatho yedolobha iTheku.
Abezimo eziphuthumayo i Reaction Unit SA, babika ukuthi bafike endaweni yesigameko bathola lomlisa edutshulwe amahlandla amabili esfubeni, nelilodwa ehlombe.
Bathi uzakwabo wesisulu ubabikele ukuthi bapake imato phambi kwamasongo estolo thizeni, kade behambise u-Ice Cream kwesinye sezitolo endaweni nalapho kusuke khona ingxabano ngesikhathi kuqhamuka umshayeli weskhenke ethi bavimba indlela.
Lengxabano iholele ekutheni lomlisa kanye nozakwabo ababili bagcine sebeshawa ilomshayeli weskhenke.
Umufi ke kubikwa ukuthi uphucwe isbhamu sakhe wadutshulwa kabili, nokho wazama ukubaleka kepha wadutshulwa okwesthathu ngaphambi kokuthi umsolwa abaleke endaweni yesigameko.
Abe Reaction Unit SA bathi umsolwa ubuyile endaweni yesigameko wazinikela kubo nesbhamu somsolwa, nalapho akhalelwe khona ngamasongo kasigonyela.