Isikhona Imali Eyabelwe Izikhukhula

Written by on 24 May, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Ungqongsohwe eHhovisi likaMengameli u-Mondli Gungubele useqinisekise amalungu ePhalamende ukuthi sekubekwe eceleni imali esikhwameni sezimo eziphuthumayo.

Lemali kuhloswe ngayo ukuthi ilekelele isifundazwe iKZN kulandela izikhukhula eziphinde zahlasela ngempelasonto esiphuma kuyo.

Uphinde watshela iPhalamende ukuthi izikhukhula zakamuva azigcinanga nje ngokukhahlameza i-KZN, kodwa kuthiteke ne-North West, Eastern Cape kanye ne-Northern Cape.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background