Isikhungo Esilwela Amalungelo Abantu Siphawula Ngodlame Lwamaphoyisa

Written by on 28 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

I-Amnesty International South Africa ithi ukusetshenziswa kweCOVID-19 njengendlela yokulwisana kunyathelwe namalungelo abantu, kubonakala kakhulu endleleni amaphoyisa akhombisa ngayo isihluku uma eqhuba umsebenzi ephakathini.

Lesikhungo sithi okunye okukhombisa ukushaywa indiva amalungelo ukushona kwabantu ngendlela engaqondakali emiphakathini abakuyo, kungabi ndaba zalutho kwabomthetho, nokunye okuningi.

Umbiko waminyaka yonke weAmnesty International SA, nokuyinhlangano elwela amalungelo, uqhakambisa ukwanda kokusetshenziswa kwamandla ngokweqile, nokubulala okwenziwa ngamaphoyisa ekumele engabe agcina izakhamuzi ziphephile.

Lenhlangano ithi sekushone abantu abangu 115 ezandleni zamaphoyisa.

Ithi ayanda namacala odlame olubhekiswe kulabo abathandana ngokobulili obufanayo, kanye nemikhankaso elwisana nabokufika ezinkundleni zokuxhumana.

Oyisikhulu kwa Amnesty International SA, uShenilla Mohamed, uthi abantu abasoze bayithola inkululeko yangempela ngaphandle kokuthi bakwazi ukuba nempilo ephephile baphile impilo enesizotha efanele wonke umuntu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background