Isilo Samabandla Sithi Sifuna Ubunye Endlunkulu
Written by Mfundo on 21 August, 2022
By: Nompendulo Ngubane
ISilo samabandla onke uMisuzulu kaZwelithini, usenxuse isizwe samaZulu ukuthi yize noma kukhona izinto ezikhulunywayo mayelana nombango wesihlalo sasendlunkulu sokubekwa kwakhe njenge Nkosi, isizwe sibezwe labo abanomsindo kodwa singabalaleli.
ISilo sikusho lokhu ngesikhathi sethula inkulumo yaso yokubonga emva komcimbi waso wokungeniswa esibayeni nokubekwa ngokwesiko ukuba yinkosi.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunomdonsiswano endlunkulu mayelana nokubekwa kwaso isilo njengoba umndeni uhlukene phakathi ngesinqumo sokubekwa kwakhe.
Ngesonto eledlule uSmakade KaZwelithini naye ungenile esibayeni maqede wahlonzwa njengomholi wamaZulu kanti olunye uhlangathi endlunkulu oluholwa uMtwana uMbonisi luphakamise, uMtwana uBuzabazi, njengezinyane lembube okumele libe yisilo.
[PIC] Isilo uMisuzulu kaZwelithini sithi usuku lwanamhlanje lube inqophamlando ngemuva kwezikhathi ezinzima ezibhekane nesizwe kanti futhi sithi sikulungele ukuhola isizwe. #InkosiEsibayeni https://t.co/OY5ksCJBKR
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) August 20, 2022
Kanti izolo futhi inkantolo yamajaji ePietermaritzburg isichithile isicelo samazinyane embube eseyakhothama uMtwana uNtandoyenkosi kanye nomtwana uNtombizosuthu abazalwa ngundlunkulu uSibongile Madlamini Zulu, ebebefake amaphepha okumiswa ukungena esibayeni kwesilo, kuze kube kulalelwa isicelo sokudlulisa isinqumo sokuchithwa kwabo yilenkantolo phambili.
Indlovukazi ebikhona kulomcimbi yileyo yokugcina kaZwelithini kaBhekuzulu uZola Zelusiwe Mafu.
Inkosi uMisuzulu uthi ziningi izinselelo ezibhekene nesizwe sikaZulu ukuzama ukusihlukanisa kodwa lokho kuzomele isizwe sikushaye indiva kunalokho sibumbane ukulwa nesitha.