ISilo Sesichithe Imibiko Yokugula

Written by on 3 July, 2023

By: Dawud Phungula

Ihovisi leSilo uMisuzulu kaZwelithini selisichithile istatimende esikhishwe wumntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi esithi iNdlulamithi ilaliswe esibhedlela sase Swatini.

Ngokwalesitatimende sika Buthelezi, iSilo sivele sadunguzela kanti kusolwa ukuthi sidliswe ubuthi obuthize.

Nokho oyisikhulumi seSilo umntwana uAfrica Zulu useyichithe njengamampunge lemibiko njengoba ethi ihlose ukudukisa isizwe ngesimo sempilo kaNgangezwe lakhe.

Ekhuluma nenhlagnano yezokusakaza kuleli umntwana uZulu uthi Indlulamithi iphile saka, iwumqemane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background