Isilo Sikhuthaza Ukuthuthukiswa KweNgonyama Trust

Written by on 23 February, 2023

By: Lindelani Mbatha

Isilo samabandla wonke uMisuzulu kaZwelithini sithi kubalulekile ukuthi iNgonyama Trust ithuthukiswe ukuze izobhekelela kancono umhlaba ongaphansi kobuholi bendabuko.

Isilo sikhulume kanjena ngesikhathi sivula ngokusemthethweni iphalamende lesifundazwe ePietermaritzburg.

I-Ngonyama Trust eyiskhwama esibhekele umhlaba wakwaZulu ike yabasematheni eminyakeni eyedlule emva kokuba lowo owayehola ikomidi likahulumeni elibheka ukusebenza kwamakhosi uKgalema Montlante akhipha izincomo zokuthi imithetho yalesisikhwama ibuyekezwe.

Kwasuka omkhulu umsindo ephalamende abanye behambisana nalombiko, abanye bewuchaza njengemizamo yokuhlakaza lesisikhwama.

Isilo sithi ukulungisa ihhovisi lasendlunkulu kuzosiza kakhulu ukubhekana nezinye izinkinga ezikhungethe abantu abasezindaweni zamakhosi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background