ISilo Sinethemba Zizophela Izinkinga zase-Ndlunkulu

Written by on 24 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

ISilo sabamandla wonke uMisuzulu kaZwelithini sithi siyakuqonda ukuhambela kude kukahulumeni wakwaZulu-Natal ekuxhaseni imicimbi yase Ndlunkulu.

U-Ngangezwelakhe ubekhuluma emcimbini omkhulukazi wokubungaza impi yaseSandlwa, okwanqoba kuyo amabutho akaZulu ngo-1879 ngesikhathi ebambene namaNgisi.

Lempi yaqhubeka ngaphansi kobukhosi buka Cetshwayo kaMpande.

Kulomcimbi iSilo siveze ukuthi awukho nowodwa umcimbi oxhaswe nguhulumeni njengoba bekwenzeka kusakhona iSilo esesakhothama, uZwelithini kaBhekuzulu.

Uqhuba ngokuthi ukuhambela kude kukahulumeni kudalwa ukungaboni ngasolinye kwangaphakathi eNdlunkulu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

U-Misuzulu kaZwelithini uthi unethemba lokuthi izinkinga ezibhekene neNdlunkulu zizophela maduze.

INdlunkulu kumanje ibhekene nezinkinga njengoba amanye amalunga okufakaphakathi uMtwana uMbonisi kanye nomtwana uThembi ekuphika ukuthi umholi wesizwe samaZulu kumele kube-nguMisuzulu.

Basebefaka isicelo esiphuthumayo enkantolo yamajaji eMgungundlovu ukuthi ikuvimbe ukuthi athule inkulumo yakhe yokubungaza umcimbi waseSandlwana, kodwa inkantolo yasichitha isicelo sabo.

U-Ngangezwelakhe uthi izinkinga eziqhubekayo eNdlunkulu ziphazamisa isizwe samazulu sonkana.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background