Isilo Sithi Bathunyiwe Labo Abamhambela Ngemuva

Written by on 21 August, 2022

By: Lindelani Mbatha

ISilo samabandla onke uMisuzulu kaZwelithini, sithi bonke labo abazama ukulwisana nokuqokwa kwakhe njengomholi wesizwe samaZulu bathunywe ngabathile.

UNgangezwe Lakhe ukusho lokho ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokubonga emva komcimbi wokungeniswa esibayeni nokubekwa ngokwesiko ukuba yinkosi.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunomdonsiswano eNdlunkulu mayelana nesihlalo njengoba umndeni uhlukene phakathi abanye befuna uMtwana uSmakade kazwelithini ukuba abe yinkosi kanti abanye bafuna umtwana uBuzabazi kaZwelithini ukuba ahole.

UMisuzulu kaZwelithimi uyisilo sesi-9 selokhu kwabunjwa isizwe samaZulu. ISilo sithi isizwe sikaZulu kuzomele sihlangane kuthule umoya ukugwema ukuhlukana phakathi.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background