ISilo Situsa uMntwana wakaPhindangene

Written by on 2 June, 2021

By: Bright Ntuli

ISilo, uMisuZulu kaZwelithini, sithi siyakujabulela ukuba khona kuka Ndunankulu wakwaZulu iNkosi uMangosuthu Buthelezi eceleni kwaso, nanjengomeluleki waso ngezithinta isizwe.

UNgangezwe lakhe usho kanje ngenkathi ekhuluma emgxoxweni ekhathekile neNewsroom Afrika.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemva kokukhothama kweMbube nokudlula emhlabeni kweNdlovukazi, kuqubuke imibiko yokungaboni ngasolinye neNdlunkulu, amanye amazinyane eSilo egxeka uButhelezi emsola ngokugxambukela.

Kanti iSilo uMisuZulu sithi sikubona njengesbusizo ukuba khona kuka Mntwana wakaPhindangene.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Siqhuba ngokuthi ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemakhaya kungezinye zezinto eziseqhulwini kuso.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background