Isimanga Enye Inkampani Kahulumeni Ingabaholeli Abasebenzi

Written by on 2 June, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inyunyana yabasebenza ngokusansimbi, iNUMSA, ithi idumele ngesenzo sabaqashi ezinkampani zikahulumeni sokungabaholeli abasebenzi ngesikhathi.

Lenyunyana isho kanjena nje, abasebenzi bamabhasi akwa Autopax, nangaphansi kwenkampani iPasanger Rail Agency of SA (PRASA) baphinde bangahola futhi ngenyanga edlule.

Ngomhlaka 26 May umqashi kulenkampani ubhalele abasebenzi ebazisa ukuthi amaholo abo azobambezeleka njengoba namanje bengakaholi.

Okhulumela iNUMSA, uPhakamile Hlubi-Majola, uthi abasebenzi kulenkampani bavamise ukuholelwa njalo ngohlaka 27 enyangeni.

Uthi akusiyo yodwa lenkampani kahulumeni ehlulekayo ukukhoma amaholo, ekubeni abasebenzi bewenzile umsebenzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background