Isimanga Owesilisa Egawula Unina Ngembazo

Written by on 29 April, 2021

By: Bright Ntuli

Owesilisa oneminyaka engu 28 ubudala, osolwa ngokubulala unina omzalayo, usazobhadla estokisini kuze kubuyele lelicala enkantolo ngomhlaka 5 ku May.

Lowesilisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo kamantshi eNsuze, enyakatho yeKZN, lapho ezofaka khona iscelo sebheyili.

Ngokombiko wamaphoyisa umsolwa lo wafika kubo ekuqaleni kwalenyanga waqaqa uthayela phezu kwendlu nokwathi uma umama wakhe emkhuza, kwasuka ingxabano phakathi kwabo.

Oyiskhulumi samaphoyisa uThembeka Mbele uyachaza,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background