Isiphithiphithi KuMasipala uMkhanyakude

Written by on 17 March, 2021

By: Mthokozisi Manqele

I-ANC esifundeni uMkhanyakude, enyakatho yekwaZulu-Natal, isidalule ukuthi ngeke ize ikwamukele ukuba kukhishwe iMeya yabo, uSolomon Mkhombo ngevoti lokungamethembi, kungalandelwangwa imigomo.

Bathi amakhansela abo kawafikanga ngoba omunye wawo wahlolwa watholwa ukuthi une-COVID-19 wabe eseyozivalela, ngethemba lokuthi umhlangano uzobanjwa ngohlelo lezobuchwepheSHE.

I-IFP ngeledlule yakhipha UMkhombo kumasipala uMkhanyakude, yafaka ilungu layo uTim Moodley waba yimeya entsha.

uMthokozisi Manqele uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background